bc

DARE TO DIE

book_age16+
0
FOLLOW
1K
READ
reincarnation/transmigration
small town
like
intro-logo
Blurb

Two soldiers got betrayed in the robbery and got arrested for 10 years,when they got out they decided to team up together for their revenge.

chap-preview
Free preview
DARE TO DIE Episode 1
(Scene 1) UMr Radebe usanda kuphuma ejele uyazihambela ubuka indawo abekwe kuyo ngenkathi bemdedela.akayazi lendawo kwazise phela yilapho alethwa khona ngenkathi bemsusa eWestville.imibhalo eminingi ayibonayo imenza abone ukuthi kuseGoli Lana,kodwa akabuzi nanokubuza ebantwini uyaqhubeka uyahamba. Usehambe ibanga elide manje kodwa akaziboni kukhona lapha abheke khona.ekhanda ufikelwa yimicabango eminingi,"engabe ngingabuza ebantwini ukuthi kufikwa kanjani eThekwini?,kodwa abantu nje abalungile bazongiyalela ezigebengwini.kusemadolobheni phela lana abantu abalungile neze,nobani uzicabangela yena yedwa abanendaba nabanye abantu noma lungaba ngakanani usizo abaludingayo,ngaleso sikhathi bona bacabanga ukuthi unamalini.uma ungakhokhi bacabanga ukuyithatha ngendluzula imali yakho bengabi nandaba nokuthi usuke uyidinga ukudlula izinto eziningi.kodwa nje anginamali manje ngithuswa yini?". ngaleso sikhathi uzihleka yena.Athuswe yihuthi yemoto,phela ubengasanakile nanokuthi usehamba emgwaqedi imbala.aqhele ngokushesha emgwaqeni kodwa imoto iphumele eceleni komgwaqo.kwehle intombazane ize kuye,"sawubona",kubingelela intombazane ibingelela uRadebe."oh...uxolo bengingaboni ukuthi sengisemgwaqeni ukuthi kuningi okusemqondweni wami...ungixolele".kodwa intombazane ibukeka idinga usizo,"cha...bhuti bengicela ungisiza ungifuthise nali isondo lemoto yami liphantshile".akhululeke ke uRadebe esezwa bemcela usizo."kulungile ntokazi ngizokusiza. (Scene 2) Bajuluke bayaconsa uWenzi no Khanyisani embhedeni baqeda ukwenza inkonzo yasekamelweni,bayahefuzela baphefumula umukanye.bengakaxoxi bezwe kukhona ongqongqoza emnyango.Asukume uKhanyisani enqunu enjalo eyovula emnyango.Uma evula,balekiyane ebuyela embhedeni ebona ukuthi umama wakhe."angikuboni mama yazi!"."nibhizi nje nenza lento eniyenzayo engabe uyofesa".lapho uWenzi usezifihle ubuso ngesiqamelo usaba nanokumbheka umamezala wakhe."yazi selokhu kwaboshwa uMenzi laphekhaya akukaze kwalunga".avele abhekise amehlo lena uKhanyisani."mama yazi Lomuntu okukuma ngaye sekuphele iminyaka eyishumi nantathu eboshiwe kodwa namanje uhlezi ubelesele ngaye,ay mama awukahle mama useyoze alunywe yizindlebe"."lalela weKhanyisani ingane yami leyo okukuma ngayo yezwa ngakho ngiyacela nje ungangikwatisi ngyazicelela bandla".ahleke kancane uKhanyisani."ngyadlala mama...ey yona intwana iyakhumbuleka kodwa ey".amane akhohlwe yileyo umama kaKhanyisani."Ay angizelanga lokho lana ngize kumakoti...makoti!,awugqoke uze Lana kukhona engifuna ungilekelele kukho",maqede ahambe."Yebo mama ngiyeza",asuse izandla ebusweni maqede abuke uKhanyisani."yini ndaba manje sthandwa sami?",kubuza uKhanyisani ethatha isikiba esiphosa ekhanda esigqoka."umama wakho Khanyisani yooohh...ay ngeke",izandla ezibeka ekhanda zibuye zehle ngobuso ekhombisa ukukhathazeka."ay ungakhathazeki sthandwa uzojwayela...kodwa phela kuyahlaleka naye umama akusikho ukuthi unesandla esiqinile"."uyayicabanga lewashingi ekade ngiyeza izolo Khanyisani".ahleke uKhanyisani."kodwa Khanyisani ayihlekisi lento yazi"."okey ngizomtshela athi ukunciphisa kancane ungasabi".amcabuze esimongo."ngisayobheka amajita ngyabuya manje".aphume ahambe,asale uWenzi elungiselela ukuya kumamezala wakhe.ezwe esememeza phandle,"aybo makoti ngilinde wena njalo!"."ngiyeza ma!". (Scene 3) "Ay ligcwele manje".kusho uRadebe ekade efutha isondo."ngiyabonga kakhulu baba",kubonga intombazane ebimcelile."UMenzi igama lami ngingowakaRadebe isibongo"."mmm... ngiyakuzwa,ehhh manje ngikukweleta malini".amangale uMenzi,"ay lutho nkosazane bengisiza nje kuphela asikho isidingo sokuthi uze ukhiphe izimali".imangale intombazane ibona umuntu ongenandaba nemali,phela umuntu nomuntu kulendawo ufuna ukukhokhelwa noma noma ekusiza ekuyalela indawo ongayazi."ngisahamba nginohambo olude kakhulu".ubukeka eludinga usizo uMenzi kodwa akafuni ukusizakala.ebusweni ubhaliwe ukuthi uswele."ngingakuhambisa".ayibhekisise lentombazane uMenzi,"sengenzela ukubonga nje kuphela".ahleke kancane uMenzi."ay ntombazane unenhliziyo enhle ngiyabona kodwa njengoba ngilapha eGoli ngilibangise eThekwini".imane imamatheke intombazane."ayike ngena emotweni sambe".adideke kancane uMenzi."uhhaybo",emangele."nami ngibheke Khona eThekwini...so.asambeni"."Ohhh,ay ngiyakuzwake asambe".bengene iyishaye izule intombazane belibangise eThekwini. (Scene 4) "Yoh mama kanti mingaki vele vele imiphongolo okumele igcwale lana".kubuza uWenzi usekhathale uyafa manje umamezala wakhe ulukho embulale ngomsebenzi."mtanami ngemiphongolo emincane kangaka nje usucabanga ukuthi ukhathele...hhayike engathi usheshile ntombi yabona ngoba sekugcwele emihlanu nje imiphongolo,kushoda eminye futhi emihlanu".amane ahlahle amehlo uWenzi."hhay ngeke mama inqwaba engaka esele"."kanti yini lena obuyenza Kini wena,ucabanga ukuthi uzogcwalisa umuphongolo owodwa vo bese ucabanga ukuthi uzovele uyolala nje".abonakale uWenzi ukuthi uyala ngempela manje.asonge izandla maqede abheke lena umamezala wakhe."hhay yazi besengithi angeke ngisazihlupha ngokubizana nomaSangweni siphuze leSavana egcwele laphayana efulijini kodwa ay shuthi ke inhlanhla yakhe".amamatheke uWenzi."yazini mama ayigcwale lemiphongolo...ayigcwale ntombo".aqukule ibhakede ashone khona. (Scene 5) Kuyahwalala manje uMenzi wehla emotweni yentombazane akade ehamba nayo indlela yonke esuka eGoli beze eThekwini."ngiyabonga..."."Thandile",kuphendula yona intombazane yazisa nanegama layo kuMenzi."igama lami uThandile kodwa wena ungangibiza ngo Thandi"."mmm...ngiyajabula ukwazana nawe Thandi...ngiyabonga futhi ukungisiza kangaka empeleni angazi bengingaba yini yazi".amamatheke uThandile."nami ngijabulela ukusiza Baba uRadebe".kusenjalo kuqhamuke imoto ngesivinini ifike ima iveze uhlangothi maqede kuvuleke isicabha."ungabaleki",kusho uMenzi ebamba uThandile ngengalo."kwenzakalani lana",ebuza uThandile eshawa wuvalo."khululeka ngiyabazi".kwehle Indoda efake isudi emotweni.emlonyeni kunogwayi onsundu oseqopheleni eliphezulu.isondele kuMenzi."mehlo madala"."Mageba",kuvuma uMenzi."ngiyabona uhamba nendoni yamanzi lana.kodwa ke angangakubambezeli ubasi umi ngawe emgedeni asiye".esho emgqolozele ngqo ezinhlamvini zamehlo maqede akhiphe izibuko ezidimile ejazini lakhe azifake ebusweni."cha ngingakuthokozela ukuhamba nawe Zulu kodwa ngeke kulunge.ahlekele phezulu uMageba ezwa uMenzi esho njalo.uthe esuka ambuke engasahleki,amuthi gunsu ngequpha esiswini.athuke uThandile angazi ukuthi enzeni.esagobile uMenzi ezwa izinhlungu esiswini ezwe ngelinye iqupha lingena ebusweni avele eyowela phansi kodwa abambelele,abone sekuconsa igazi phansi liphuma emakhaleni kuye."myekele!", kumemeza uThandile ngezwi elinokusaba phakathi.anganaki kodwa uMageba asondele kuMenzi amfake unyawo esiswini avele alale phansi uMenzi."yazi yini ekufake ejele Menzi?",embuza ebe ekhipha isibhamu enqulwini."yilento oyiyona...uyigwala man...f***k Indaba yakho!"."angilona igwala mina!",kuphendula uMenzi ezama ukusukuma."oh...awulona igwala...okey mi thatha Lana",emnika isibhamu."bulala lentombazane iyona ekwenza ube ntekenteke",ekhomba uThandile ngrkhanda."angithi awulona ivaka...azishe ke".lumuthi keqe uvalo uThandile ezwa ukuthi makubulawe yena."kwenzakalani manje",kubabaza uThandile."dubula lentombazane Menzi",kuthetha uZulu."bhuti ngiyakucela ungangibulale angazi lutho mina".usecweba izinyembezi uThandile.asukume uMenzi akhombe uThandile ngesibhamu."ungixolele ntokazi...impilo yami lena".azidedele zibe zine esiswini izinhlamvu kuThandile,uthe eyosakazeka phansi uThandile asondele uMenzi afake eyesihlanu ekhanda indlambu eqinisekisa ukuthi uyafa.avele acwebe izinyembezi uMenzi ezibona esebuyela kulempilo abeyiphila. (Scene 6) "Washoke mama!...yazi mina...hhee ay ngeke nje ngize ngiqale nokuqala ngingashiya phansi...ngeke nhlobonhlobo nje ngize ngiyimele leyo".kusho uWenzi edakwe emanzi te ehleli nomamezala wakhe."ngiyakutshela makoti!...phela kwakungeyena yedwa owazi ugogo uMaweni ukuthi ungakuphi!...ngavele ngathi nje...hhhow ufike ekhaya qathatha...ngathi nakhu ke okwakho".usho njena umamezala kaWenzi nakuye akukhulumeki kahle lungenhla manje uphuzo oludakayo,ngalowomzuzu uyafa yinsini uWenzi."ay cha ngeke mama...wase umthatha kanjaloke ubabuRadebe"."kunjalo nje ngikutshela ukuthi wahamba enuka phu into engabekezeleki,aw ngangingeke ngidlale umfazi mina,wayezobe eyiphiwe ngubani yona Indoda kuze kube ngeyakhe nje."."hhayibo mama kwenzakalani lana".kubuza uKhanyisani engena endlini kaMama wakhe emfica ephuza utshwala nomkakhe."hhaw mfana kamama usubuyile".kusho umama wakhe."mama kwenzakalani lana...wena udlana notshwala la nomama".kubuza uKhanyisani ediniwe kodwa abuye nganeno kwazise baphuzela egcekeni futhi kwayena udlulile kancane ezinkanjini."mama!".uma ethi uyabhekisisa."aw...sebelele...aw kwaze kabahlulake utshwala".aqukule umama wakhe eyomlalisa egunjini lakhe maqede abuye ezothatha umkakhe beyolala. (Scene 7) Kuvutha imoto yentombazane ebulewe uMenzi bonke bamile phambi kwayo.indawo abakuyo akuhambi noma ubani icashile kakhulu injalo iyesabeka.bonke beqhumise izibhamu phezulu.

editor-pick
Dreame-Editor's pick

bc

Desired By The Hockey Captain Alpha

read
4.6K
bc

The Great Ethan Lee

read
4.1K
bc

The Billionaire’s Discarded Bride

read
18.3K
bc

The Luna He Rejected (Extended version)

read
608.7K
bc

Nanny And Her Four Alpha Bullies

read
25.8K
bc

Three Alpha Bikers Wants An Open Marriage(An Erotic Paranormal Reverse Harem)

read
69.2K
bc

Alpha's Instant Connection

read
650.1K

Scan code to download app

download_iosApp Store
google icon
Google Play
Facebook